Iqili - EO

Sekuneminyaka engaphezulu kweyisikhombisa izinto zingahambi kahle kwaZavolo. Phela uZavolo bekungesoka ekhula bekungamanyala. Ukhule eyibhungu elinogazi, angabhebhani egila imihlola. Nami nje wake wangibhebhela enye intombi engangisathi ngiyayikhulisa. Wayinena ngomthondo nje kwaphela uthando, angithi unguntanga u-ZV sikhule naye. Nento yokuchama uyiphethe bo, isibonda nje. Ubengumdlali webhola elikhokhelwayo, ziziwela nje izintombi. Imali nestayela bekubuzwa kuye.

Yawuchitha umuthi inkonyane! Lamlahla elakubo wazwana nelelihuzu elinguNomali. Intokazi impela yena uNomali, into nje uyisiziba esinzonzo sinzonzobele. Akadle ngakukhuluma. Abamazi kahle bathi iyayishaya imbokodo. Akusho bona kusho izenzo. UZavolo ubesaphunduka uzavolo woqobo. Kwamubamba ngekhubalo loku okunguNomali, kwamcaphuna ngamawashingi kwamfaka endlini yesonto kwasekumphonsa indandatho. Kwabe uzithelile umsobho etswayini, kwamfaka ubhebhamina ngedwa, wathithibala. Wohhe bekusewu bra ZV wani. Phela esadlala ingqamu sasimkhwaza ngo-ZV... Uzwe abanye sebembiza ngo "Zulu volovolo". Kwakufanele kodwa ngoba ibhola leli wayelikhahlela sengathi inhlavu iphuma evolovolweni. Engalibheki ipali.

Uyadlala wena udlala uNomali. Wathi angabona ukuthi useyaphupha ebholeni iZV, wakhuluma nelinye lamashende akhe, wafakwa kumathenda. Wayehamba ize ankonkomale unkunzana, kanti wayengazi ukuthi wangena ezimalini ngoba edlelwa umfazi. Nondaba bayahlupha ngemilomo emanzi. Sebavele bayona impilo kaZV bamtshela ukuthi umfazi wayesephelile, ebondwabondwa yisikhulu sakwamasipala esingumngani wakhe u-ZV. Siyesatshwa lesikhulu, asibhedelwa, sinezinkabi ezingalibheki ikhanda lendoda. U-ZV wayesehlala enyonyile nje. Angithi wayeseqalile nokunaka ukuthi ebhejwa nini uNomali futhi kuphi. wayeseze wonda ngisho emzimbeni, ubona ukuthi lento yayingampethe neze kahle. Uma sizwa ngosibhinca amakhasane, wayeseke wambuza uNomali. Kuthiwa lesekhawundane esinguNomali sambuza kwezikabhoqo ukuthi kwakuqala ngaso yini ukufeba, Akadle imali le yamathenda avale umlomo uma impilo esayithanda.

Isondo liyajika. uZV wayengagcini nje ngokudlala ibhola nobusoka. Ubedume nangokuhlakanipha. Thina esakhula naye nje siyamazi ukuthi izibalo wayengazibheki. Futhi nakhona ekhanda wayeshayiwe. Yikho kwakusimangaza nje ukuthi yini unhlakanyane ayedlala iqola leli, angaphenduli amatafula. Abelungu bathi every dog has its day. Angisho kugcwale umlomo ukuthi mina ngajabule kabi uma ngizwa kuthiwa seligaya ngomunye umhlathi. UZV, wavele wathola omuhle umsebenzi lo eKapa. Wadukisa umkhondo wathi usebenza eGoli. Yimi nedlanzana lezinsizwa ezisondelene naye esaziyo ukuthi usedla izambane likapondo le koKapa. Leliqola elinguNomali kuthiwa seligqigqe kwaze kwavuthwa indlela eGoli lithi liyomubheka khona. Into exakayo ukuthi zonke izinto zakhe zimukhomba eSandton. Kodwa ikheli alisebenzisayo kuthi uma uthi uya kulo, uzithela esikhotheni esingenamuzi.

Noma ngimdabukela uNomali kodwa ngaphakathi ngibuye ngizizwe sengithi shosho, khona eyogcina ukuzenza iqili elikwazi ukuzikhotha emhlane. Manje okuxakayo wukuthi nyangazonke, uZV uzikhokha zonke izikweletu zekhaya, abese efaka nemali yokondla izingane kwa-account kaNomali. Iqola selisele nesidanga sevondwe. Lutho ukuthola umthondo kaZavolo. Ukunuka kwesende alisakwazi. Nesikhulu leso sakwamasipala kuthiwa sesaziqhathulula. Ubani-ke omunye ungazosa ebhekile ngoba indaba kaNomali yaziwa ilokishi lonke. Ungathi bamfaka isichitho akeve esedabukisa. Abuye aziqedele ngokweyisa, sabammbomulisa bammbomulisa.

Ungabe yimbi yini lento eyenziwa nguZavolo?