Wadla Sebentini - EO

Ngangingezwa lutho ngibuya eMbali. Kwakuduma u-Lerato ekhanda. Wawungafunga ukuthi lo-kiss angishaya ngawo ovuthayo kwakungumuthi wentando. OGezephi, Bavelile noThembani, izintombi zami zasemakhaya kwasekuzibhedele ekugcineni. Akekho noyedwa kubona owayefika ku-Lerato ngobuhle. Wayemuhle yini pho u-Lerato, wawungathi akalubhadi kwanextdoor webathroom. Ngangimuzwa emizweni yami ukuthi noma ngabe kuthiwani, she was the one. Ngalujabulela njalo usuku lomgido wezintombi zaseMbali. Ngangithi ngingamcabanga nje uRato, kuqhilike izihlathi, ngibe usimoyimoyi isinkwa sibona ibhotela. Akumangazi ukuthi impelasonto esasithembisene yena kwaba ongathi yayithathe unyaka wonke. Kodwa yaze yagcina ifikikile. Ifika-nje, ngase ngingene shi ezikweletini, ngikhithiza izingubo engangovela ngazo ku-Rato wami. Yize sasithembisene u-10 laphaya kwa-Pick 'n Pay kuLong Market, mina ngasuka ngo 6h00 kwaMadlala.

Kwase kuhlangene nokugula kancane ukuthanda kwami u-Lerato. Nenumber ayenginike yona kamakhala ekhukhwini yayihlala ivaliwe. Kwathi sengilahle ithemba wangifonela ngolwesiHlanu ngo20h00, engiqinisekisa ukuthi kwakungashintshe lutho. ngake ngagxumisa okwengane ibona iStumbol. Ngalala ngingalele, wawungafunga ukuthi ngangiqala ngqa ukuqonywa. Ngalala sengi-ayinile, ngapholisha. Izinkukhu zokuqala zika 03h00 zakhala sengivukile. Ngasengiqwashile sengide ngiphenduphenduka ubala. Inhliziyo yayigxuma nephaphu...