Isibumbu sentombi nto - EO

Iso liwela umfula ugcwele. Kwakungonakele lutho izintombi zisemi ngezinyawo, zisacula zisho ngamathanga azo abushelelezi. Amehlo ayegezeka impela, negazi ngangilizwa lifudumala. Ikhona intokazi iso lami elalingasuki kuyo. Wayemuhle yini pho umntanomuntu, wawungafunga ukuthi akalubhadi endlini encane. Lelitshitshi lalisho ngamabele amile mpo kuhle kwetotolozi yengane ivuka ebuthongweni.

Amehlo ami awasukanga kulembali engase ngiyikhile. Ngambuka waze wakhophoza umntanomuntu. Angidelanga, ngaloku ngimuthe nje njo. Kwaze kwakhuza umngani wami esasize naye emcimbini. Kwazifanele nokuthi wayethela amanzi emhlane wedada, Angangawasusa amehlo kudade lo. Wawungafunga ukuthi ngibuka umbukiso bhanyabhanya. Kwaze kwagcina kuphele amahloni eseshelini sami. Ngasibona singibuka simoyizela ngafunda ezindebeni zaso zomlomo ukuthi sasithi  : "Hawu yini kodwa ukungibuka kangaka?". Ngangingazi nokuthi ngiyakwazi ukuzwa inkulumo ngokufunda nje izindebe zomlomo zinyakaza, ngabona ngalo lelo langa ukuthi ngiyakwazi.

Umcimbi wawuqhubeka nje mina ngase ngifisa kuqedwe, kengizibike, ngibeke amabili amathathu ngoba ngase ngivele ngibona ukuthi kwakungasewona kakhulu umqansa, ngoba naku nesesheli sami sase sibonile ukuthi sengisikhethile. Ukumoyizela kwaso kwanginika ithemba, ngasho ngathi jabula mphimbo uzogwinya. Thina bantu basemakhaya sazi ukuthi azikho izintombi nto emalokishini. Nami ngangazi kanjalo, ukuthi kuzigcwalele omasigebengu elokishini laseMbali. Emva kwende inzukazikeyi, kwenziwa imidantidanti angingasayikhumbuli nakuyikhumbula, ngingayikhumbula  kanjani ngoba mina ngangizibukela itshitshi.



Kwathi kungaqedwa, ngazidlisa satshanyana, imbuzi yagudla iguma, ngaye ngafika qathatha esimomondiyeni. Ngambingelela wavuma, wase exolisa wathi usaya koshintsha ngoba kwabe sekumakhazana. Wangishiya engitshele igama lakhe kuphela. Kwakungavumi ukuthi ngimkhulule ngingakatholi nenamba yeselula yodwa le, kodwa ngabuye ngazikhuza, ngamdedela wahamba. Emva kwehora ehambile, ngazibona ngiyisilima esindlebende kwabo : "Ngobuye ngimbonephi kodwa? Damn!". Yayingibambise isidanga sevondwe intokazi yaselokishini, nami ngadlala ukuba ngowakwantuthu ngayidedela yakhala amaphepha.

Emva cishe kwamahora amathathu, nami sengize ngazixolela ngobubhanxa bami, qhamu thushu uLerato. Ngezwa inhliziyo ithi kla. "Sengibuyile bhuti, bewufuna ukuthini". Ngamcela ukuthi siye emotweni. Wavuma. Ngabona ukuthi sengiwinile. Phela akuyi lubuyayo laphaya kweyami imoto. Yindlu evaliwe, idimile, ongaphandle akaboni lutho olwenzeka ngaphakathi. Sangena ngakhiya izicabha, ngavula umculo wakhalela phansi. "Yini kodwa ukungibuka kangaka bhuti, ngidleni olwakho?" Ngambuka ngamoyizela : "Lutho nkosazana, ukuthi nje sengifile uthando lwakho and lendaba kamashela angiyithandisisi kahle. Kunganjani kesizikhiphe ngelinye ilanga siyongcebeleka olwandle, sobabili nje sweety?" Ngambona emoyizela kancane ngasho ngathi wadla sebentina wangaphezulu. Phela eMbali sibizwa ngosebentina bangaphezulu, angithi ekhaya kukwaMadlala, ngasesontweni lasemaRomeni.

Sathi ukuxoxaxoxa, ngabona ukuthi usencibilikile, ngathi ukumphuluphulula amathanga, noma aqale wathi ukugxumagxuma, wagcina esethambele umthetho. Sagcina sesiqabulene ngisho ukuqabulana. Pho ayemahle yini amathanga akhe. Umthondo wawusumile uthe mpo kimi. Umqondo nawo sewumile ungasacabangisisi kahle. Ngaqala kancane ngiphulula amathanga isandla sakhuphukela njalo...njalo njalo. Pho ayeshisa yini amathanga ka-Lerato! Kwakungumlilo. Angikwazanga ukufika esibunjini. Ngangithi uma ngithi ngizama ukukhuphukela awathi ngqi. Nami ngingesiye umdlwenguli, ngibonge kona ukuthintiswa into enje. Ngaqhubeka ngincenga. Lutho, lawavala thaqa amathanga itshitshi. Ngabe sengiziduduza ngokuthi ngoba lalivumile siye eThekwini ngempela sonto eyayilandela, ngangoncenga kancane ngize ngifike emphelandaba.



Sabe sesidumelana ngo-kiss ovuthayo, wacela indlela u-Lerato. Ngathi ukumlibalibazisa, ngagcina ngehlele ngezansi. Wangishaya ngokiss wabe esethi : "Yingako ngikuthanda nje wena bhuti wasemakhaya uyahlonipha. Ungangiphoxike bhuti wami." Waphuma emphelandaba. Wathi angavala isicabha semoto, ngabona ukuthi ngangihlangene nezimbila zithutha ziholwa ngemhlophe phambili. Ngangihlale ngibadida nje, ngaleliyalanga ngangiqondane nomaqondana. Yavuka yema mpo induku ungafunga ukuthi yayisisho yona leyo ndaba ithi : "Ngamila esilimeni!"