UMuziwabantu esikoleni uluhlaza cwe. Uma ekhuluma nabanye abantwana usebenzisa amagama angenakubizwa na inkosi yenhlamba yodwa. Abone umistress ukuthi okungcono akathumele incwadi ekhaya echazayo ukuthi uMuziwabantu uluhlaza eskoleni and akezwa uthuka ezinye izingane njalonjalo.
Ngakusasa wafika umama kaMuziwabantu, usefingqe iziketi kuvele
namathangana ashwabene gulukudu eklasini uthisha uyafundisa athi:
'Heyi Muziwabantu uyahlanya la ekhanda zinqe zikanyokokhulu umaNzunza, yini ndaba uthuka ezinye izingane nje? Ngiyabuza ulokhu uhlahlamehlo sengathi unondindwa ebona indoda inqunu, zindlebe zikayihlo uMchitheni. Ngizokunyathela entanyeni mina ubhoshe manje phambi kwalezingane ezigcwele la eklasini uyangizwa madlebe kayihlo. Ngike ngiphinde nje ngizwe kuthiwa uke wathuka ezinye izingane, ngiyokubamba ngamasenjana lawa asethanda ukuba luhlaza ngiwashuke kuchitheke lesidojeyana esingekho. Zibunu zika anti wakho lona owabuya emzini engazalanga!
Sengiqedile ke thisha uyangazi mina angibhedelwa, angisibona omahosha lapha abahlale bebhedelwa uyise wakhe eGoli uma bencengwa ukuthi behlise iprice, mina angikuzalelanga ukuthi ulalele inhlamba engisuke ngithuka ngayo uyihlo ebusuku uma efuna ukungidla mahhala enganginikanga lutho.
Ungitshele uma eke wabuye nje wathuka inhlamba, ngoba angazi ukuthi ulibele ukuthuka inhlamba ,engasheli lezifetshana ezingangaye ezigcwele lapha, ucabanga ukuthi uzodla bani, ngoba mina ngeke ngimzwise, umadlebe kaninakhulu ozala uyise umaMthethwa'
isiZulu ke lesi esihle futhi,engisithandayo bakwethu.
ReplyDeleteudiniwe umama...mthuke!ayifuneki ingane ephaphayo
ReplyDeleteWaze wambongelela
ReplyDelete