Intombi kaMatatata uNoziwengu unamasu amabili nje vo, wumfowethu
engimelamayo nami. Aselamani ngisho okwelamana, siyalandelana. Sikhule
lezalukazi namakhehla abaqokothisa isiZulu besibiza ngezinkameyana,
bebesho emehlweni ukuthi umama wanyemfuza. Sihlala e-mission, sekwande
ubukholwa, ngakho-ke abantu abaningi bebehloniphisa nje besibiza
ngowele. Into ebibuye yenze sibizwe kanjalo ukuthi yize umfowethu ethe
ukuba qatha ngomzimba futhi ngimthelela manzi ngobude kodwa sicishe
impela silingane, angimedluli ngama malunga angaphezulu kwamathathu.
Singamathe nolimi, ngisho sisakhula besingathintwa, umuntu ubazi kahle
ukuthi uzolwa nezinsizwa ezimbili. Besidume ngokuhlanganyela. Saziwa nje
ukuthi uma uke wathinta omunye, umgade umfowabo. Loku kwenze sakhula
ontanga besihlonipha. Sikhulile nje impela saze sashada, kuyiyo
leyondaba. sineminyaka eyishumi nanhlanu sashada. Ngisho imishado yethu
yedlulana cishe ngo 6 months. Noma umfowethu engithanda ngothando lolu
esakhula ngalo, kimina akusenjalo. Akudlali ukudliwa ngunembeza
10
yrs ago, ngangizihlalele nje ekhaya kuyimpelasonto. Isizungu
sasingibulala ngoba phela sathi singakhula kwafanela sisebenze
ngokwehlukana nomfowethu. mina ngiseThekwini kanti yena useGoli. Mina-ke
njalo ngolweziHlanu ngiyajoja ngize ekhaya. Futhi khona manje
sekwaba lula isimanga ngoba phela sengathenga neveni engilayisha ngalo
izinsizwa zangasekhaya. Pho kubamnandi yini uma sengizihlohlile
sezihuba, sizobona abantwana bethu emakhaya. Ngisho nabantu bethu sifika
besilindele. Nokungabantwana sekukhulile mina nje ngishaya ngo-4,
isingqongqo sezinsizwa. Ngiyaye ngizibone sengiyindoda impela uma
ngisekhaya, kodwa uvalo lungithi heqe uma ngicabanga ukuthi ziyakhula,
ngivelelwe ngamacala.
Umfowethu yena "ezakhe" zimbili
umfana nentombazane. Omdala una 9yrs intombazane ibe no-7yrs. Kulukhuni
ukuba yindoda, Izingane "zakhe" umfowethu uzibona cishe kanye ezinyangeni
ezintathu. Isikhathi esiningi yimi ogadele umfowethu umuzi wakhe.
Abafazi bethu abezwani kona, ungathi sabadlisa ngenhliziyo yenkankani.
Ngeke nje umthinte Umamkhulu uma umkami ekhona angahlala kuwe izithonto.
Babuye babe yizihlobo nokwenza. angithi bangomzala umkami uzalwa
ngumalume kamamkhulu. Lapha ekhaya babizwa ngomamncane nomamkhulu.
Ngisho nathi nomfowethu sibizwa kanjalo, mina sengaba ngubamncane igama.
Iyangidla
imfihlo. Njengoba sengi shilo, 10yrs ago, ngangizihlalele nje
ngiphumule njengenjwayelo. Kwafika ingane yathi ngangibizwa ngumama elaphaya endlini enkulu kwagogo. Ogogo bami babili, yizintombi ezindala
ezikhuluma ziqoshamise. Igolo, yigolo nje kogogo, usakhuza wakhathala
umama ethi abahloniphise, yena ugogo umncane, yibhinca qobo lwalo. uvele
athi nje : "Kufihlwa kufihlwani, ngoba ngisho umkhokheli wenu makoti ubhejwa
nguZondi emahlathi, nicabanga ukuthi asizazi izindaba zenu makholwa
ndini. sekwaze kwaba nevezandlebe laphaya kwaNdlela"
Lwalungishaya
kufanele uvalo uma kuthiwa ngibizwa kwagogo. Ngabafica behleli
bobabathathu, umama nogogo bami bobabili. Ngathi uma ngingena endlini
ngabona umama engincisha amehlo. Emva kokuba sengibabingelelile,
wayiqala indaba ugogo. Namanje lolosuku angilukhohlwa, lwayishintsha
unomphela impilo yami.
"Mzukulu sikubizele indaba
enzima. Kuzofanele ube yindoda, uqine ukhakhayi. Uma uyindojeyana nje
enamasende angakaqini, namhlanje sizokuqinisa amasende mzukulu."
Ngazibamba sekuthi angihleke, into eyenza ngingahleki wukuthi ngathi
ngibheka umama ngamthola esaloku egobodisile ubona ukuthi lukhulu
luyamudla.
Waqhuba ugogo : "Bamncane, endaweni la kwakhiwe
sebemthuke umamkhulu kwaze kwazwela nakuthina sinizala bantabami.
Bambiza ngenyumba kayitali, itala amagwababa. Uyangizwa ukuthi ngithini
mzukulu?" Ngavele ngavuma ngekhanda ngoba ngangididekile. waphinde
waqhuba : "Umuzi kamfowenu ngeke sivume ufe sibhekile. Kuzofanele
uzalele umfowenu, umvusele umuzi ngoba sekuyasicacela ukuthi inkinga
ikuye"
Ngathi ngithi ngiyaphawula ugogo omncane wavele
wenza adume ngazo : " Bamncane, yini enzima ekubhebheni umamkhulu?
Angithi sesikhulumile naye wavuma, manje sesizoncenga wena uyindoda,
ntombikaNdingiliza, mina ngeke ngiyincenge indoda. Wena bamncane
uzothatha imbazo manje, uyotheza imishayo yendlu, ikulindela
indindibala yegolo laphaya ehlathini. Mzukulu amathanga ahlanzela abangenamabhodwe, ungenqaba ukubhebha uzalise umamkhulu emuhle enje. Usho ukuthi uma umfowenu engase afe, ngeke umngene umkamfowenu, ungakhwelelwa abafana bakweminye imizi.? Ungasihloleli wena vaka lendoda. Sengiqedile." Washo wasukuma
waphuma wahamba, wazithwalela izandla zakhe eqolo, wehlela kwakhe. Phela ugogo omncane wakhe ngenzasi komuzi omkhulu walapha ekhaya. Naye engathi wangenwa umkhulu emva kokushona kukamkhulu omncane.
Ngake
ngafisa ukuthi umhlaba uvuleke ungigwinye. Kwaduma ukhanda. Ngibhebhe
umkamfowethu? Yena umfowethu angathini? Umama wabantabami yena angaba
yini, bezwana kangaka nomamkhulu? Ngabuza ngeliphansi eligcwele usizi :
"Ubaba benomkhulu yena senibazisile ngalomhlola enifuna ugilwe emzini
wabo?" Ugogo ngimethulela isigqoko, umuzi kamkhulu wawubamba kukubi.
Wayethi uma esixoxela lapho besuka khona nomkhulu kukhale wonke umuntu
endlini. "Mzukulu, lomuzi ubunjwe yimi, ngingeke ngiwubhidlize ngezami
izandla. Njengoba unyoko engathi nje vu, sekunesikhashana thina
esibadala siludingida loludaba. Hamba mzukulu, ukulindile umamkhulu
ehlathini, laphaya emzungulwini, eduze komfula. zincenge Fuze, Mashiya
amahle, Ngcobo umkhulu. Sivusa isizwe lapha mzukulu, loku akuqali ngawe.
Hamba-ke khehla likagogo, izibusiso uzinikwa yithi, ngisho okhokho
bakho bazohamba nawe mzukulu." Wathi angasho lawa wathatha isincansi
sakhe waseluka akangabe esangibheka emehlweni.
Ngaphuma, ngake ngathi
uma ngiqalaza izintaba zangakithi, kwangathi ngikomunye umhlaba.
Kwakuduma ikhanda. Kwakungathi ngiyaphupha,
kwakungasekho ukunye, ngathatha imbazo ngehlisa umhosha ngangena
ehlathini lezimanga. Ngaguduza njalo ngibheke ngalapho ugogo abe
engiyalele khona. Ngathi ngithi thushu ngabe ngimbona umamkhulu,
wabamuhle ngokunye. Ngawuzwa uvuka umthondo. Futhi umthondo
uyisiphukuphuku, yize ngangingayithandi into engangizoyenza, kodwa yathi
uma inqekuza inkunzi yami, ngasho ngathi isiyakhala manje ithi ngamila
esilimeni.
Wamoyizela umamkhulu, pho yinhle yini imanzi
kamfowethu, sakhetha singoFuze suka! Ngafika ngambamba izandla zombili
ngathi: "Kodwa sivelelwa yini mamkhulu?" Wakhophoza wabheka phansi,
washo amazwi ahlale enkenteza njalo ezindlebeni zami. "Bamncane, awubazi
ubuhlungu engibuzwayo. Empilweini yami, ngangithi ubamkhulu kuphela
oyobhebha leli elami igolo. Uyangazi bamncane, sikhule nawe. uyazazi
izinsizwa ebezingeshela. Ubuyaye ubone nawe sisakhula, ukuthi
besithandana kanjani nomfowenu. Kumina loku, kufana nokuphula zonke
izethembiso esazenza, kodwa ngingenzenjani ngokwakho ukubona bamncane?
KwaFuze ngaganela ukuvusa umuzi, umfazi ungumfazi ngokuzala. Uma kunguwe
ongakwenza loku wenzele ubamkhulu kungabancono kakhulu, futhi ngeke asole ngoba vele wena ungumfowabo, futhi niyefana. Asithembe kozolunga
bamncane." Washo ekhumula izingubo zonke ezilengisa esihlahleni.
Wasondela,
mina sengime phuhle okwesihlahla sikabhanana. Wangikhumula uhembe,
wangiqaqa ibhulukwe. Ngazikhumula ngajomba ibhulukwe ne-under
ngaphanyeka laphaya kude. Sangana, sagonana lapho nomfazi womfowethu. Sabambana
sankonkoshelana, zehla kumina izinyembezi, inhliziyo ibuhlungu.
Ngangingazi ukuthi kubo bonke abantu, umfowethu usengaze adliwe
yimina izithende. Wathi lapho engidedela khona umamkhulu sabhekana
emehleni, naye ziyehla mi izinyembezi. Wathi : "Ngabe kuncono bamncane
ukube imbewu yomuntu itshalwa njengesihlahla. Akukho okunye bamncane
ngibhebhe simakhe lomntwana. Okunzima kakhulu ukuthi kufanele ubuye
ungiphinde, ngize ngibambe, kubuhlungu bamncane, kodwa pho
singenzenjani?", ngabheka phansi. Unesibindi umuntu wesifazane uma esezwe
ubuhlungu isikhathi eside angambulala umuntu, "Bamncane ngoba vele asinalo elinye icebo, asimakhe
ngentokozo lomntwana, le imfihlo yethu esofa nayo. Umzala angalinge
ayazi lendaba bamncane, kungabuhlungu ngokwedlulele ukuthi inkinga yami ingenze ngibhidlize umuzi wenu. Nami ngiyakwethembisa umfowenu woze afe engayazi lendaba"
Washo wangiphulula amsende, Yavuka yema mpo induku. Wangibuka emehleni
wathi: "Ungathuki bamncane angithi uma umfowenu engafa eGoli
ngingangenwa wuwe, kanti uyigwala yini lendoda wena? ungangidumazi bamncane."
Wangibasela,
phela ayikho indoda efuna kusho umuntu wesifazane ukuthi iyigwala.
Ngasondela kuye, sime ngazo zombili, ungiphulula amasende nomthondo kanyekanye ngendlela
ngisho umkami angakaze angiphulule ngayo. Ngamsondeza ngamncela ingono
yebele, ngamuzwa ephefumulela phezulu. Wangidedela umthondo namasende wahlehla.
Waye wadonsa isicansi kwelinye ihlokozana. Habe, phakathu esicansini
kukhona netshali, wakwendlala. Ngakhumbula isisho esithi ungasheshi
ukwendlala indoda ingakafiki. kusho ukuthi umamkhulu wayezilungiselele
kudala. Wangiqhweba salala etshalini. Saphululana. Ngambona emoyizela
ngendlela enza ngayo ngiqhamuka. sasondelana. Saxhumana u-kiss owangidida
ikhanda laduma ngangazi noma kuyasa noma kuyahlwa, nazi
nezihlonono zehlathi zibelesele, kuheleza umoya opholile osuka emfuleni.
Wehla
umamkhulu wangikhotha umthondo. Hhayi waqina ngqi umthondo,
wawusungaphika ukuthi bengilale nomamncane ngayizolo. Ungikhotha akemile
ukungiphulula amasende. Umqondo wazula ngacabanga ukuthi uyadla
umfokababa silele madoda. Phela kodwa zase ziphelile izinyanga ezimbili
umfowethu engehlanga, umamkhulu waye halazela kufanele, wayeseneskhathi
awugcina umthondo. wathi ukuwdlaladlala ngolimi umthondo, ngankema ngakhamisa nka wena owabona inkunzi iqeda ukukhotha uteletele wesithole. Ngathi ngisankeme kanjalo...
Wagibela ngaphezulu umamkhulu,
wasondeza igolo lakhe epipini lami. Ngabe ngangizombhebha ngempela
umkamfowethu? Ngathu ngisazibuza ngamuzwa esezidlalisa umsunu
ngekhingqi. Iqolo lomfazi kamfowethu langikhumbuza iBoom Shaka, wazinwaya
izindebe zegolo umkamfowethu. Mina sengilele intshebe ibheke phezulu,
angazi noma ngifende ngimbhebhe ngempela umfazi kabafo noma ngiyeke yena
azenze khona unembeza uzoba nconywana. Ngathi ngisacabanga walibusheka
phakathi umamkhulu. Igolo lomkamfowethu lase limanzi, ngezwa unyiblika
kamnandi omthondo phakathi egolo lomkamfowethu. Wangilahla unembeza.
Ngambamba ngamsondeza, wangena wonke waze wangqinda ngamasende. Wake
wathula wanganyakaza, ngezwa amalebe akhe awumumatha umthondo ewuthi
xhakathisi engathi sikhingqelene singezinja.
Wangibuka
emehleni umamkhulu wathi : "Ngizwa egazini bamncane siyahlala lesisu"
Zehla lapho izinyembezi kuthina sobabili. Wacimeza waqala wafenda,nami
ngamlekelela. Uyayazi i-pain and pleasure? Mina ngiyazi kahlehle,
kwakumnandi umthondo uhlangene negolo lomkamfowethu, kodwa kwakubuhlungu
ukuthi senza into esasingakaze sizitshele ukuthi siyoyenza. Safendana,
ngangingangabazi nakancane ukuthi umamkhulu wayezwa ubumnandi, wayede
ephefumulela phezulu. Limnandi igolo kade lagcina ukubhejwa. Ngake
ngezwa kudlikiza amalunga wonke omzimba, lomlingo ngangingakaze ngiwuzwe
seloku ngazalwa. Wafenda umkamfowethu, akadle ngakusheshisa, kodwa ayawufaka awukhiphe alithi hleke igolo azogoqoze ngawo umthondo ngizwe ukuthi uphakathi wonke
ngimnwaya amalebe ngamasende. Ngithe ngimuzwa wayefenda kakhulu manje,
sidluthuke ngize ngezwe sengathi ungibhangqa nomhlabathi. Walithi hleke
igolo, wangibamba wangisondeza. Wangidida
ngokiss wangidonsela phakathi. Uthe esuka wabe ehlehla waqhiya njengoZiyaqhiyama ihashi likaVelaphi. Waqina phezu kwami, lapho igolo uselithe hleke lonke wanamathela kumina ngesibumbu kuhle kombokwane unamathele etsheni. Wafenda kancane, ngezwa ukuthi noma ngabe kuthiwani, iyachama manje imanzi kamfowethu, wachama, ngamuzwa engibamba engisondeza ngamuzwa ethi : "Ngimithise bamncane, ngimithise". Ngalizwa igolo lakhe lifuquza, angizange ngitshelwe muntu ukuthi
angimthundele, ngasithulula isidoda phakathi kumkamfowethu. Ngamuzwa egxuma kancane ngimdubula ngomlilo ngaphakathi. Wangibamba wangisondeza.
Zehla izinyembezi, zathi co co co zagcwala isfuba sami. Nami ngehluleka ukuzibamba ngazizwa zihlengezela zigcwala amehlo nakimi. Washo ngeligcwele usizi wathi: "Nakusasa kuzofanele ubuye uzongiphinda bamncane ngoba ngoMsobulko ubuyela emsebenzini. Asithembe kuzolunga bamncane" Wathi angasho njalo wakhihla esikaNandi umamkhulu, wacaphuna isicansi netshadlana kanye nezingubo zakhe wakhala wemuka. Ngasala ngimile lapho nomthodo uconsa, ngaqonda mamasenzasi nomfula ngageza. Ngathi nginga gqoka kahle, ngawelela ngaphesheya nembazo, ngacinga umishayo engangizoyigawula.
Ai cha ziyabuya Lana ke. Ijho....umkhwele uskhwiza uzuchamele phakathi kwe nquza kanjalo nje?
ReplyDeleteNo choice, ngumele bauakhe lomdeni. Futhi kuncono kabi lokho, imagine uma sekucgwele amavesandlebe la ekhaya.
DeleteNo choice, ngumele bauakhe lomdeni. Futhi kuncono kabi lokho, imagine uma sekucgwele amavesandlebe la ekhaya.
Delete