Sicela uxolo

Sicela ukuxolisa kakhulu ngamagingxigingxi esibe nawo kusukela ngenyanga edlule. Kunongqeqhe obevele aqhamuke esethi faka imali uzobona. Sigcine  siyitholile lentsholongwana noma igciwane ebeliphazamisa umoya wokuthula. Salizumbula nezimpande zalo. Bese liyisinama ejezini. Selilahlekise ithemba kubafundi bethu abathembekile.

Yobeni ma-Afrika amahle, lixhoshwa libhekile.

Siyabonga

PS. from the moderator
Ukube ngike ngasithola lesigilamkhuba bengizosigxavula ngamasenjana ngisikhombise ukuthi abafana naso benziwa njani, bekophela ukuba yileti lakimi. Angisakhulumike ukube bekungumfazi ofana nami, bekohlephuka amabondingi, kudabuke iziketi. Imihlola yami yini? Waze wasihlukumeza umuntu sizithulele.

2 comments:

  1. Nivele-nje nina niya bheda! Niyisuselani i-site ningasitshelanga. Nanginyanyisa, uyazi. Inkomo sizoyishayela ubisi lwayo uma ngabe anisazi kahle.

    ReplyDelete
  2. Uwena odinga ukugxavulwa ngesibumbu, udoti muni lo owenzayo? Ungayigudluza kanjani indawo yethu yokuqeda isizungu ungasazisile?

    ReplyDelete